Umehluleli wePremier Soccer League uZola Majavu usekhiphe isigwebo odabeni lweKaizer Chiefs oluqondene nemidlalo emibili yeligi eyagcina ingadlalwanga.
IChiefs ihlawuliswe u-R200,000 kodwa uhhafu uzoxegiswa ngokombandela wokuthi iqembu alisiphindi isenzo esifana nalesi ezinyangeni ezingu-12. Ngamafuphi iGlamour Boys izokhokha u-R100,000.
IChiefs iyalelwe nokuthi ikhokhele izindleko zokuqulwa kwecala.
“Elinye icala esesikhuluma ngalo manje. Ngingaqinisekisa ukuthi iChiefs ivelile phambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe namuhla, izophendula ngokungalandeli umthetho ngesikhathi ingafiki ukuzodlala emidlalweni yeligi ngoDisemba ngenxa yecovid-19.
IChiefs ayiphumelelanga ukuza kulemidlalo ngemuva kokubikela iPSL ukuthi ishoda ngabadlali. Ikhempu yeChiefs yayikhahlamezwe yicovid-19 ngaleso sikhathi.
Amakhosi kwakufanele adlale neCape Town City neLamontville Golden Arrows kodwa imidlalo yamiswa. iNSL yayihlela kabusha imidlalo kodwa iChiefs yashaywa ngo 2-1 kuyona yomibili imidlalo.
Umehluleli weSAFA uNazeer Cassim wayenqume ukuthi imidlalo ayidlalwe kabusha, ezwelana nesimo esasihlasele iChiefs.
Kulandele umdonsiswano wasezinkantolo kodwa kugcine iPSL ukuhleka. IPSL neChiefs bavumelana ngokuqhela enkantolo ukuze icala lizoqulwa ngokushesha, kwazise neChiefs yashawa kuyona yomibili imidlalo.