Iqembu laseSoweto elingenzi kahle kule sizini, iKaizer Chiefs, lisalelwe yimidlalo emithathu ukuqondisa izinto ngaphambi kokubhekana neqembu elisembangweni weligi kule sizini i-Orlando Pirates.

Amakhosi aphoxe inqwaba yabalandeli evula unyaka ngenduku ngesikhathi eshaywa yiCape Town City ngo 1-0 koweligi ngeSonto. Ukudliwa kwawo kuwashiye kunombolo 7 kwilog yeBetway Premiership, isele ngamaphuzu awu-12 kwiPirates enomdlalo esandleni.

Sibuka imidlalo iChiefs esazobhekana nayo ngaphambi kweSoweto Derby:

January 8, Kaizer Chiefs vs Stellenbosch FC – 19:30 – FNB Stadium

NgoLwesithathu iChiefs izotholana phezulu neStellies ekunombolo 5 kwilog yePremiership. Ngesizini edlule iChiefs yathola isibhaxu ngesikhathi ibhekene nezika Steve Barker ekhaya, kodwa yakwazi ukubuyisa izinduku eKapa. Njengoba iChiefs iya kulo mdlalo kade ithola induku ngempelasonto, iStellies ngakolunye uhlangothi ibuye newin enhle e-Africa futhi ibukeka isiqala ukungena egiyeni.

IChiefs ithwale kanzima ibhekene neCape Town City, nokwenza abaningi bakholwe wukuthi izophinde ibhekane nomqanda njengoba kwaziwa ukuthi njengamanje iStellies idlala ibhola elingcono kuneCityzens.

January 12, Kaizer Chiefs vs Golden Arrows

NgeSonto iChiefs izobhekana neGolden Arrows enerekhodi elihle emdlalweni emihlanu edlule njengoba ishaywe kanye kuphela. Uma sibheka ihead to head yeChiefs ne-Arrows, ngesizini edlule i-Arrows yanqoba umdlalo wokuqala ngo 2-1 eThekwini, iGlamour Boys yabuyisa izinduku emdlalweni wesibili.

Okuzojabulisa abalandeli beChiefs abaseKZN ngalo mdlalo wukuthi uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium. IChiefs igcine ibuye namaphuzu aphelele idlala eMabhida ngo-29 December, okuzoyifakela umfutho. Okubi nje nokho wukuthi izobhekana ne-Arrows, okuzofana nokuthi idlala umdlalo wasekhaya ngoba izinze eThekwini.

January 19, Kaizer Chiefs vs Sekhukhune United

Umdlalo wokugcina weChiefs ngaphambi kweSoweto Derby izobhekana neBabina Noko okungelona iqembu elilula. Kuyimanje iSekhukhune ikunombolo 4 kwilog yeBetway Premiership, ayiyazi induku emdlalweni emithathu edlule.

Ngesizini edlule iChiefs yathatha amaphuzu amane kwiSekhukhune, kodwa kwisizini yango-2022/2023 iSekhukhune yathatha amaphuzu ayisithuba kubafana basePhefeni. Leli qembu linabadlali abayingozi okubalwa kubo uSipho Mbule noKeletso Makgalwa.

Ngemuva kwalo mdlalo iChiefs izotholana phezulu nezikaMagebhula ngoFebruary 1 eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.