Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ukhale ngokuhuqa ubuthongo esikhathini esibalulekile okudale ukuthi kungene igoli elinqobise iRoyal AM ngo 1-0 kwiDSTV Premiership namuhla.
URicardo Nascimento uvalele enethini igoli ngomzuzu wokuqala kulomdlalo obubanjelwe eChartsworth Stadium.
IChiefs ibiwuphethe lomdlalo kodwa yazilahlela yona ngokuba buthuntu phambi kwamapali.
Ekhuluma sekuphele umdlalo, uZwane uthi iqembu lihlulekile ukusebenzisa amathuba, yingakho lingawinanga. Uthe kufanele bafunde kulomphumela, balungise amaphutha ngaphambi komdlalo olandelayo.
“Siqale ngegiya eliphansi. Sibanikeze igoli obekungafanele balishaye. Bathole i-corner ngomzuzu wokuqala, lokho bekukhombisa ukubheda kwezinto. Sihlulekile ukumaka i-corner, sahuqa ubuthongo. Igoli lingene kuyo i-corner.
Igoli lisiphaphamise emaqandeni. Sikhande inqwaba yamathuba kodwa sahluleka ukuwasebenzisa. Uma unozinti eqokwa njengomdlali ovelele, lokho kuchaza ukuthi uyena obesindisa iqembu,” kuchaza uZwane ecashunwa abeSuperSport TV.
IChiefs ihlulekile ukukhanda amathuba esiwombeni sesibili, okuyinto ekhalise uZwane.
“Sihlulekile ukukhanda amathuba amaningi esiwombeni sesibili. Umgqigqo wehlile kakhulu kodwa besiqhubeka nokubamba umdlalo esiswini. Besingenza kangcono kwezinye izikhathi uma kufuneka sibambe ibhola, sibheke abadlali abagijima bebheke phambili.
Besibamba ibhola sibheke epalini lethu, lokho kubanikeze ithuba lokuqoqana enkundleni. Umdlalo wethu wokuqala, konke kuhamba kahle. Ngiyaziqhenya ngabadlali, bazinikelile namuhla kodwa akulunganga,” kubeka lomqeqeshi.