Udaba: uSphamandla Gumede

Umqeqeshi weTshakhuma Tsha Madzivhandila uLucky Nelukau uthi iMarumo Gallants ayikho ezingeni lokuvikela iNedbank Cup abayinqobe ngesizini ephelile.

UNelukau ubeke kanje ngemuva komdlalo beshaywa iGallants kwi-semifinal ngo 1-0 eThohoyandou Stadium izolo ebusuku.

IGallants isilinde umanqoba kwisemifinal ephakathi kweRoyal AM neMamelodi Sundowns eChartsworth Stadium namuhla ebusuku.

“IGallants inabadlali abanohlonze kodwa angeke iphumelele kwiNedbank uma izokwenza lokhu ekwenze namuhla. Akusikho ukuthi ngicasukile ngoba sishayiwe. Ngiyaziqhenya ngabadlali bami neqembu, basebenzile. Ubonile ukuthi iMarumo besiyiphethe emdlalweni. IMarumo iwine ngenhlanhla namuhla,” kubeka uNelukau esekhuluma nabeSupersport TV.

Lomqeqeshi uthe iMarumo ishaywe ngenxa yephutha elenzile.

“Sihlulwe ngenxa yephutha elincane esilenzile. Sizobuyela emuva silungise,” kusho lomqeqeshi.