Sebetshelwe eziqwini zamehlo abadlali ababili beMamelodi Sundowns ukuthi angeke babe yingxenye yeqembu kulesizini.

Unozinti uJody February noSammy Seabi batshelwe ukuthi angeke babhaliswe esikwatini seqembu.

UFebruary, obebolekiswe kwiSwallows ngesizini edlule, ubeseDobsonville Stadium izolo eyobukela iziNyoni zidlala neCape Town City.

ISwallows isayinise unozinti omusha uThakasani Mbanjwa ozidlela ijezi kulemidlalo edlule. IDube Birds iphinde ihlome ngoSanele Tshabalala noThela Ngobeni ezintini, okudala ukuthi kunciphe amathuba okubuyiswa kukaFebruary kuleliqembu.

Ithimba labaqeqeshi beselimtshelile ukuthi akekho ezinhlelweni zeqembu njengoba sekukhona uRonwen Williams. Abanye onozinti abakhona kwiDowns uDenis Onyango, Reyaad Pieterse noKennedy Mweene.

USeabi ungomunye umdlali one kusasa elimnyama eChloorkop. USeabi ubebolekiswe kwiChippa United ngesizini eyedlule, wadlala emidlalweni engu-22.

Naye lomdlali usetsheliwe ukuthi akanaso isikhala eqenjini, akahambe eyobheka amathuba kwenye indawo.

Akucaci noma iSundowns izobakhulula yini labadlali noma izobabolekisa kodwa kodwa angeke babonakale ngisho ejimini yeqembu.

Iwindi lokuhwebelana ngabadlali liyavalwa ngomhlaka 22 kuSepthemba, okuyisikhathi esanele sokuthi uSeabi noFebruary bazitholele amaqembu amasha.