IHungry Lions izoqhubeka nokudlala kwiGladAfrica Championship ngemuva kokuvela kwehlazo leJomo Cosmos ehambise ubufakazi obungamanga kwikomidi eliqondisa izigwegwe kwiPSL.
ICosmos yafaka iLions ekomidini lezigwegwe ngoba iyisola ngokudlalisa uTshepo Mohlala emidlalweni yeGladAfrica Championship. ICosmos yayikhala ngokuthi lomdlali akayitholanga incwadi yokukhululwa eqenjini.
Lokhu kwanikeza uMjomane ithemba lokuthi iLions izophicwa amaphuzu kulemidlalo eyadlalwa uMohlala.
Ummeli weLions uKarabo Tshabuse usebenza ngokuzikhandla, wagcine etholwe ukuthi ubufakazi obuhanjiswe iCosmos bukhandiwe.
UTshabuse ukhulume kanje ekhuluma nabeSABC Sport.
“Ngesikhathi ngilungiselela udaba obelufakwe kwikomidi lezigwegwe obeluzolalelwa namuhla ngehora lesihlanu, sithukile siyithimba labammeli beLions sesithola incwadi yokuhoxa kubammeli beCosmos. Besizomela iLions nomdlali uMohlala.
Sibanikeze ubufakazi bokuthi umdlali ubengakaze abhaliswe kwiJomo Cosmos njengoba bekhuluma, nokuyilapho besazise ngokuhoxa kwabo. Thina sibanikeze amakhadi eSAFA namarekhodi akhombisayo ukuthi umdlali ubebhaliswe kwinkulisa yeKaizer Chiefs.
Siphethe ubufakazi obuqanda ikhanda okukhombisa ukuthi iJomo Cosmos ihambise ubufakazi obungamanga kwikomidi. Ishintshe amakhadi ngoba izama ukuqhubeka namanga. Basebenzise isithombe abasithole kuFacebook esashunthwa ngonyaka odlule, nakhona umdlali wayeneminyaka engu-21,” kubeka uTshabuse.
Ezenkosi zizodlala ehlathini kwi-ABC Motsepe League ngesizini ka-2022/23 kwazise zidliwe yizembe kwiGladAfrica Championship.
“Ngifuna iLions ifake isikhalazo kwikomidi lezigwegwe khona namuhla. Umdlali kanye neqembu bathunazeke isithunzi ngenxa yokuhluleka ukuziphatha ngendlela efanele okwenziwa iJomo Cosmos.
Yize udaba luhoxiswa, sizocela umehluleli (Zola Majavu) ukuthi aphenye Udaba aphinde abeke iCosmos icala, okungaba kuhle ukuthi ukuthi iJomo idingiswe ekudlaleni ibhola eNingizimu Afrika, noma kungaba sesigabeni sama-amesha.
Isenzo seJomo asinayo indawo ebholeni laseNingizimu Afrika. Ukudliwa yizembe akuchazi ukuthi sekufanele azame izindlela eziseceleni ukuze ezobuyela kwiGladAfrica Championship,” kusho uTshabuse.