UMqondisi wezokuMaketha kwiCape Town City uMichael Comitis uthi iqembu alihleli ukuchitha abadlali njengoba kwenza amanye amaqembu akuPremier Soccer League (PSL).

ICityzens eqede endaweni yesibili kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2021/22, ihlela ukugcina iningi labadlali bayo njengoba izodlala kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.

Ekhuluma nabeDiskiTimes, uComitis ubeke kanje:

“Kuyisikhathi esibucayi ukubona abadlali abangu-15 bekhululwa eqenjini, kodwa lokho kukhombisa izinjongo zeqembu.

Amaqembu amaningi aseyabona ukuthi ibhola lifana nebhizinisi, kukhona iningi labadlali abangazimisele ukusebenzisa ngokuzikhandla ukuze bezodlala esigabeni esiphezulu. Asikho isidingo sokugcina abadlali abavilaphayo. Yingakho bebaningi abadlali abachithwe emaqenjini.

Ngiyaqinisekisa ukuthi angeke kuchithwe abadlali abangu-15 kwiCape Town City. Lokho kukhombisa indawo esihleli kuyo. Amanye amaqembu kufanele ashintshe izinto, amanye kuyaphoqa ukuthi aqhubeke nokwenza ngendlela ejwayelekile,” kubeka uComitis.

ICity idedele uBongani Mpandle noShane Roberts kuphela. Bobabili labadlali bebesizwa ngendaba isikimu eKapa.

ICity iqoke ukunikeza izinkontileka ezintsha kuKeanu Cupido noMpho Makola.