Imenenja kaKobamelo Kodisang, uMike Makaab usedalule ukuthi zikhona izingxoxo esezibanjwe iKaizer Chiefs ibuza ngalomdlali.

UKodisang (22) unenkontileka neSC Braga yasePortugal, eqoke ukwelula inkontileka yakhe ngeminyaka emibili.

UMakaab udalule ukuthi uKodisang usefuna ukubamba iqhaza eqenjini elikhulu. Uveze ukuthi lomdlali uzimisele ngokuhamba uma engasitholi isiqinisekiso sokudlaliswa eqenjini elikhulu.

“IBraga yelule inkontileka kaKodisang ngeminyaka emibili kodwa besikulindele lokho. Sekuphele iminyaka emithathu bemdlalisa emazingeni aphansi uKodisang. Sibatshelile ukuthi sizobheka amanye amaqembu uma engalitholi ijezi kulesizini, kungenzeka abolekiswe noma adayiswe.

Kungenzeka abuye eNingizimu Afrika. Siziqalile izingxoxo neKaizer Chiefs. Kunzima ukuqedela isivumelwano neChiefs iyakwazi lokho. Nginobudlelwano obuhle neChiefs.

Ngiyabatshela abalandeli ukuthi abakhulume neChiefs. Bayabuza ukuthi kungani iProsport ingenabo abadlali beChiefs? Ngesikhathi iChiefs inqoba iligi amahlandla amabili kulandelana, kwakugcwele abadlali bayo eProsport.

Abalandeli bakhuluma imbudane uma becabanga ukuthi ubudlelwano bami neChiefs bubhimbile eminyakeni eyisithupha eyedlule,” kubeka uMakaab Ekhuluma kwiGagasi FM.

UMakaab uthi iChiefs yilona lodwa iqembu abaliphasele uKodisang eNingizimu Afrika. Uthi lomdlali uyakucabanga ukubuya eNingizimu Afrika.

“Sinezingxoxo ngoKodisang. Kunzima khona. Okwamanje sikhuluma neqembu elilodwa kuphela eNingizimu Afrika. Yilona kuphela elaziyo ngesimo somdlali. Ngiyathemba ukuthi emasontweni alandelayo sizokwazi ukusiza uKK kwiBraga.

Ukubuya eNingizimu Afrika kungenzeka. Sikhulumile neChiefs. Kunzima ukuphothula izingxoxo ngomdlali. Sikhulumile nomdlali, saxoxa neqembu lakhe ePortugal. Siphinde sazokhuluma neChiefs.

IBraga okufanele isinikeze ilungelo lokuxoxisana namaqembu afuna uKodisang,” kubeka uMakaab.