Imenenja kaBenni McCarthy isiphumele obala yakuchitha ukuthi lo mqeqeshi ugajwe umsebenzi kwi-Orlando Pirates nakwiKaizer Chiefs. Engxoxweni neSAFM, uRob Moore uthe uMcCarthy ushelwe yiqembu elilodwa elidlala kwiPSL kodwa ubengazimisele ngokulijoyina.
“UBenni akakaze afake isicelo somsebenzi kwiChiefs nakwiPirates ezinyangeni ezedlule. Akukaze kube nezingxoxo phakathi kwethu nalawa maqembu.
“Bekuneqembu elilodwa lePSL ebelimfuna kodwa akulona iqembu abezimisele ngalo. Bese kunesikhathi sibona ukuthi angawuthola umsebenzi e-Europe.”
UMoore uthi wayematasa ebhekela uBenni umsebenzi e-Europe ngesikhathi enaka ukuthi abekho abaqeqeshi abamataniswa nokuyosiza u-Erik ten Hag kwiManchester United. Uthi okwenza uTen Hag athande umsebenzi kaBenni wukuthi selokhe aqala ukuqeqesha kwiCape Town City nakuMaZulu, sekubizwe abadlali abawu-9 okokuqala kwiBafana Bafana ngaphansi kwesandla sakhe.
“Kwakubalulekile ku-Erik lokho ngoba kwamvezela ukuthi uBenni usezuze okuningi njengomqeqeshi, ukwazi ukwenza abadlali babe ngcono, ubakhuphulela kwelinye izinga.”
Ngesikhathi echaza ngokuqoka uMcCarthy uTen Hag uveze ukuthi ubedinga umuntu ozoletha okuhlukile kwiMan United, ozosiza ngamaqhinga okuhlasela nokuvalela amagoli, okuyinto uMcCarthy ayeyenza edlalela iFC Porto neBlackburn.
UBenni uthe ufuna ukusiza iMan United ibuyele kwiChampions League kule sizini.