Sekulindwe kuphele amaPlay-offs ePSL ngaphambi kokuthi iKaizer Chiefs iqinisekise ukusayinisa abadlali abathathu abasha beSwallows FC.

IChiefs isiqedile ngezivumelwano noKamohelo Mahlatsi noDillon Solomons abayizinsika eqenjini leSwallows. IGlamour Boys isiphinde yaqala izingxoxo nomdlali wasophondweni uGeorge Matlou, okuvela ukuthi iziNyoni zizomdedela.

Amakhosi abumba isikwati esisha esizoncipha ngokweminyaka yabadlali, okuyicebo likamqeqeshi u-Arthur Zwane nephini lakhe uDillon Sheppard.

Yize uMatlou esekhuhla ibhentshi kwiSwallows ngoba umqeqeshi uDylan Kerr emsola ngokugeja amathuba alula, iChiefs ibona lomdlali eqinile ngokwanele imfuna eNaturena ngesizini ezayo.

UMike Makaab oyimenenja kaMahlatsi, uthi isinqumo ngekusasa lomdlali wakhe sizophuma uma sekuqedwe amaPlay-offs.

“UMahlatsi uzimisele kwiSwallows, uyiqeda yonke imidlalo ngoba udlala njalo. Kufanele sithembe ukuthi iSwallows ayibhuqwa izembe ngoba uKamohelo unenkontileka ende nabo, ukuhamba kwakhe kuhleli ekutheni iqembu lenza kanjani kumaPlay-Offs,” kubeka uMakaab.