Inkakha yeKaizer Chiefs uBernard Parker uzocaciselwa ngekusasa lakhe kungekudala yize eselindele noma yini.

Ngesonto elizayo, uParker uzobe eseqala inyanga yokugcina kwinkontileka yakhe.

Njengoba kulindelwe ukuthi kuchithwe inqwaba yabadlali eNaturena, imenenja yalomdlali uMike Makaab uveze ukuthi kusengenzeka bmtholele umsebenzi eqenjini uParker kodwa asikho isinqumo esesithathiwe.

UParker uneminyaka engu-36 kanti noMqondisi wezemiDlalo uKaizer Jnr. Motaung useke waveza ukuthi ibhodi limnikeze umyalelo wokudedela amakhehla esikwatini.

“Asijahile kakhulu, ngihlanganile noBernard eGoli. Sivumelene ngokuthi aqale ukufundela ukuqeqesha, uzimisele ngokuba umqeqeshi.

Ubuholi bakhe bumnikeza ithuba lokuba umqeqeshi kodwa sesilinde ukuzwa kwiChiefs. Ziningi izinhlelo esinazo ngoBernard, ezinye zisebholeni, kodwa ezinye zingaphandle kwebhola,” kuchaza uMakaab weProsport International.

UMakaab uthi sebelindele noma yini kwiChiefs kodwa bona sebehlelile ngegxathu elizothathwa umdlali njengoba isizini isiphelile.

“Izinhlelo zikaParker uma eseyeke ibhola zihlelwe ngobuchule, naye ubezikhulumela ngezinhloso zakhe. UBernard ulungile noma kungenzeka ini. Kungenzeka anikezwe isikhundla eqenjini kodwa angikaze ngikhulume neqembu.

Ngikhulumile noBernard, sinezinhlelo zethu eziseceleni, lokho kuyasijabulisa. Uselungise konke ukuze engasali dengwane uma sekufanele athathe umhlalaphansi,” kubeka uMakaab.

UParker wajoyina iChiefs ngo-2011 esuka kwiTwente yaseHolland. Usize iqembu lanqoba iligi kabili kanye neMTN 8.