Sekungaqinisekiswa ukuthi iSwallows FC isivumile ukudayisela iKaizer Chiefs umdlali oyibamba ophondweni uGeorge Matlou.

Sekusele ukuthi iChiefs incenge uMatlou.

Isinqumo sithathe ngokushesha kusanda kuphela amaPlay-offs ngesonto eledlule. Ukuzimisela kweSwallows kumaPlay-Offs, yagcina ivike nezembe, kunikeze abaphathi ithuba lokuthatha izinqumo ngekusasa labadlali.

Kuvela ukuthi ukusayina kwalomdlali kungaqinisekiswa kulelisonto kodwa sekushoda uMatlou neChiefs bavumelane ngenkontileka.

Abazazi kangcono izindaba kwiSwallows bathi indaba kaMatlou isiqediwe.

UMatlou ubegaqelwe iChiefs isikhathi eside kanti useke wasebenzisana noyiphini likamqeqeshi uDillon Sheppard esadlala kwinkulisa yeBidvest Wits.

UMatlou uhlale isizini eyodwa ePortugal ngaphambi kokujoyina iSwallows. Uma izingxoxo zihamba ngononini, uzophinde ashintshe indawo yokuhlala njengoba iqembu lakhe selivumile ukumdayisa.

IGlamour Boys isaqhubeka nokushela abadlali beSwallows ababili uDillon Solomons noKamohelo Mahlatsi.