IKaizer Chiefs isiphinde yadedela abadlali ababili abangekho ezinhlelweni zeqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.
URamahlwe Mphahlele noSiphosakhe Ntiya-Ntiya bachithwe yiqembu namuhla ekuseni.
UMphahlele ubenenkontileka ephelayo kulenyanga. Inkontileka yakhe ibinombandela wokwelulwa ngonyaka owodwa kodwa iChiefs ayifunanga ukuyelula.
UNtiya-Ntiya ukhululiwe njengoba inkontileka yakhe ibiphela ngoJuni 2023. IGlamour Boys yamfaka endalini ekuqaleni kwesizini edlule kodwa alikho iqembu elakhombisa intshisekelo yokumthenga.
Umthombo ongaphakathi kwiChiefs utshele iGibela Spor ukuthi kukhona abanye abadlali abazodedelwa yiqembu ezinsukwini ezilandelayo. Kuyasolakala ukuthi isitobha seBafana Bafana u-Eric Mathoho uzokhonjwa indlela ayefike ngayo.
IChiefs isidedele abadlali abangu-11 selokhu kuphele isizini.
Phakathi kwabadlali abadedeliwe kukhona uBernard Parker, Lebogang Manyama, Samir Nurkovic, Leonardo Castro, Kearyn Baccus, Daniel Cardoso, Daniel Akpeyi, Dumisani Zuma, Lazarous Kambole kanye nomlolongi wonozinti uLee Baxter.
U-Anthony Akumu usabekwe endalini okwamanje.