Ziyaqhubeka izingxogxo phakathi kweKaizer Chiefs nabamele isikhwishikhwishi somdlali uKobamelo Kodisang (22) ogijima kwiBragga, ePortugal.

Kuvela ukuthi lo mdlali oneminyaka ewu-22 uzimisele ngokubuya kwiDStv Premiership. UKodisang ujoyine iBragga ngo-2019 esuka kwiBidvest Wits. 

Usedlalele ama-reserves eBragga amasizini amathathu kanti uze wathola ithuba lokuziveza eqenjini elikhulu ngasemaphethelweni esizini edlule. 

Ikhuluma neGagasi FM i-agent yakhe uMike Makaab ibeke kanje: “Ngingakuqinisekisa ukuthi iqembu esisakhulume nalo eNingizimu Afrika yiKaizer Chiefs. Kusemi lapho njengamananje (ezingxoxweni).” 

“Inkinga ayilele kwiChiefs noma kthina, inkinga yindlela iBragga ebuka ngayo ikusasa likaKodisang. Ikhona inqubekela phambili kodwa kumele siqale sibuke isivumelwano ebesinaso neBragga. Siyethemba ukuthi kuzothathwa isinqumo ezinsukwini ezimbili kuya kwezintathu ezizayo.” 

Inkulumo kaMakaab ikubeka ngokusobala ukuthi iChiefs izimisele ukukhokha imali efunwayo ukudedela lo mdlali, futhi kuzwakala sengathi umdlali usevumile ukuya ePhefeni, kusavimbe iBragga mhlawumbe enezinhlelo ngekusasa lalo mdlali.

Kuleli windi lokuthenga abadlali iChiefs isisayinise uYusuf Maart, Dillon Sollomons, Siyethemba Sithebe, Zitha Kwinika, noKamohelo Mahlatshi.