IKaizer Chiefs iqoke ukwehlisa isivinini odabeni lokusayinisa uTerrence Mashego kwiCape Town City ngemuva kokuchayiswa yileliqembu.

IChiefs idlulele phambili, yamema owayengumdlali weCityzens u-Edmilson Dove ukuba ezohlolwa eNaturena.

UDove (27) ufike eNaturena ngoLwesibili, kwachaza abalandeli ezinkundleni zokuxhumana.

UDove ukhuza ibuya eNingizimu Afrika njengoba ebambe kwiCity ngoJanuary kunqanyulwa inkontileka yakhe.

Ujoyine i-UD Songo yangakubo eMozambique ngoFebruary kulonyaka kodwa wakhetha ukungayivuseleli inkontileka ngesikhathi isiphela ngoJuni.

Umqeqeshi u-Arthur Zwane ukubeke obala ukuthi angakujabulela ukuthola umdlali ozoyibamba esandleni sokunxele emuva njengoba engamethembi uSifiso Hlanti osanda kuphola ngemuva kokulimala.

UDove ukwazi ukudlala ophondweni emuva aphinde angene ngaphakathi odongeni.

Lomdlali wayegaqelwe iMamelodi Sundowns ngaphambi kokuba igcine isisayinise uDivine Lunga.