Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ukhombe umonakalo ngakubadlali, esola abanye ngokungabi sezingeni lokudlalela iqembu laseNaturena.

UZwane ubekhuluma ngemuva kokushaywa iCape Town City ngo 2-1 eFNB Stadium izolo. Kusukela bathatha izintambo benoDillon Sheppard, iChiefs isihlulwe kuyona yonke imidlalo yeligi, okuyimiphumela esibanciphisele amathuba okungena emqhudelwaneni yeCAF ngesizini ezayo.

Yize izinto zingahambi kahle, uZwane uthe uzolamukela ngezandla zombili ithuba lokuqeqesha iqembu uma abaphathi begculiseka ngaye.

“Angeke sizigqaje ngesimo esizithole kusona. Sibhacaze kakhulu kulemidlalo. Kuyaphoqa ngempela, sekunzima nokuhamba ngokuthula emgwaqeni ngenxa yesimo esizithola kusona. Ayikho enye indlela yokwenza, kuyaphoqa ukuthi siqinisele ngoba yithina esimele iqembu, kumele sibhekane nenselelo,” kusho uZwane ecashunwa abeSuperSport TV.

UZwane uthe iChiefs idinga ukuthenga abadlali abasezingeni eliphezulu.

“Angeke siyeke ukudlala, sizoqhubeka nokulwa kuyoze kulunge. Bakhona abadlali abasezingeni eliphezulu kodwa abanye abekho ezingeni lokudlalela iKaizer Chiefs.

Ngizolithatha ithuba lokuqeqesha iqembu uma lifika. Bonke abaqeqeshi bayafuna ukukhula. Sikuphi isidingo sokuhlala eqenjini iminyaka eminingi kangaka uma ngizobalekela ithuba lokuqeqesha iqembu?

Ubani okufanele athathe lelithuba? Akufanele ngabe sikulesi simo. Angeke kusebenze ukuqhubeka ngalendlela ngoba sineminyaka eminingi sizama ukuqala kabusha,” kusho uZwane.

Lomqeqeshi uthe sekuyaphoqa ukuthi iqembu lishintshe ubuso ebhentshini kanye nasenkundleni.

“Kuyaphoqa ukuthi siqale kabusha. Kuqokwe ithimba labaqeqeshi elisha, kuthengwe abadlali ngoba sihlalelwe umsebenzi omkhulu. Kuyaphoqa ukuthi kwenziwe lokho ukuze izinto zizobuyela esimeni. Nakho ukuqasha umqeqeshi omusha kuzofika nezinkinga.

Kuyafuneka kuthengwe abadlali abasha abangalazi iqembu, indawo nengcindezi yokudlalela iqembu.

Nomqeqeshi ozofika kungenzeka akanalo ulwazi ngeqembu. IChiefs iyiqembu elikhulu, kudingeka umuntu oyaziyo ngempela. Uma lifika ithuba, ngizolibamba ngezandla zombili, ngiqinisekise ukuthi sibuyela kwiChiefs eyayijabulisa abalandeli bayo,” kubeka uZwane.