IKaizer ishaye iphakethe yakhokha u-R13 million kwiStellenbosch ukuze izothola izethenjwa uZitha Kwinika no-Ashley Du Preez.
UKwinika wasayina kwiChiefs ngo-Ephreli kodwa waqhubeka nokudlala eCape Winelands kwazise nesizini ka-2021/22 yayisaqhubeka.
UKwinika waphetha isizini enqobe umklomelo womdlali ovelele eqenjini. Ngokwezinombolo zabahlaziyi, uKwinika usohlwini lwezitobha ezintathu ezishaya into ecokeme kwiPremier Soccer League kusukela ajoyina IStellies.
Amakhosi akhokhe u-R3 million ukuze ezobuyisa lomdlali oseke wayibamba kwinkulisa yeqembu kudala. UKwinika uzohola imali ephindwe kathathu kulena abeyithola kwiStellenbosch.
UDu Preez bekulindeleke ukuthi athengwe ngezindodla zemali kwazise ubeshiya izitobha zikhamisile uma ephethwe ibhola. Ubeyintandokazi kubalandeli beqembu njengoba ekhulele khona eStellenbosch.
IChiefs igcine iwukhiphile u-R10 million owafunwa IStellies ngalomdlali kwazise neRoyal AM yala ukhasha ukuxoxa ngomgadli wayo uVictor Letsoalo.
Lemali ekhokhwe iChiefs yayibophe uDu Preez kwinkontileka yakhe neStellies.