Impumelelo yeBanyana Banyana kwi-Africa Women’s Cup of Nations (WAFCON) ithole indawo enhliziyweni kaKaizer Motaung osedalule izinhlelo zokusungula iKaizer Chiefs yabesifazane.
UMotaung ukholwa ukuthi sesifikile isikhathi sokunaka ibhola labesifazane kuleli.
IBanyana iqukule iWAFCON okokuqala ngqa emlandweni ishaya iMorocco ngo 2-1 eRabat ngoMgqibelo.
Ekhuluma nabeSABC Sport ngoMsombuluko, uMotaung uthe impumelelo yeBanyana iyazicelela ukuthi kukhandwe iligi ehlelekile yebhola labesifazane.
UMotaung udalule ukuthi sebeziqalile izinhlelo zokusungula iqembu labesifazane. IMamelodi Sundowns, Royal AM neTS Galaxy yiwona kuphela amaqembu kuDSTV Premiership asekhande izikwati zamaqembu esifazane.
“Impumelelo yeBanyana ibeka izwe lethu ebalazweni. Uma sizimisele ngokuncintisana neFinland, USA ne-England, kufanele nathi sizame ukusungula iligi yebhola labesifazane kuleli ehlelekile.
Angiwubeke eceleni umgomo weCAF oqondene nokukhandwa kwamaqembu esifazane. Kufanele kube yimpoqo kuwona wonke amaqembu adlala eNingizimu Afrika ukuthi asungule amaqembu abesifazane.
Simatasa nezinhlelo zokubumba iqembu labesifazane. Angeke ngibeke isikhathi esicacile. Kufanele siqinisekise izinto ezibalulekile kuqala, okufana nokubumba iqembu, ukubheka izigaba okufanele siqale kuzo njengeqembu,” kubeka uMotaung.