Izinhlelo zesizini ka-2022/23 sezimi ngomumo kwiKaizer Chiefs njengoba isiqale izingxoxo nabadlali ebikade ibahleli ezithendeni.

IChiefs isikubeke kwacaca ukuthi ukusayina izitobha ezimbili noma ezintathu kungenye yezinto ezibalulekile abazozenza emakethe.

Kuphinde kwagqama nokuthi esinye sezitobha ezithenjiwe kwiChiefs sizoshiya ekupheleni kwesizini ngoba sishaywa ibhentshi.

IChiefs imatasa icathamela isitobha seCape Town All Stars uRyan Baartman. Lomdlali ubambe elikhulu iqhaza i-All Stars iqeda endaweni yesithathu kwiGladAfrica Championship.

“IDiski Times isithole ulwazi olukhomba ukuthi iKaizer Chiefs isiqale izingxoxo neCape Town All Stars ibuza ngesitobha uRyan Baartman.

UBaartman, obeyingxenye yeCape Umoya ngesizini eyedlule usezidonsele amehlo eChiefs ngemuva kokushaya into ecokeme kulesizini.

Lomdlali oneminyaka engu-24, useke wadlala kwinkulisa yeCape Town City, wadlala nakuChippa United neSteenberg United,” kubhala abeDiski Times.

UBaartman ungumdlali wesihlanu wasemuva ogaqelwe yiChiefs. Kukhona nozakwabo waseKapa uRushwin Dortley odlalela iCape Town Spurs.

Izinhloli zeChiefs nabalandeli bayo bazothola ithuba lokuhlola kahle uBaartman ozobe edlala kuma-playoffs okuhlungela ukungena kwiDSTV Premiership.