Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana uTsepo Masilela uthi Amakhosi abukeka ebuthuntu phambili ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26. Uveza igama lomgadli okufanele asayiniswe ngokushesha.
UMasilela, obeyingxenye yezinkakha zeChiefs ezidlale neKZN Legends eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo usale ekhalaza ngokungasabisi kweqembu likaNasreddine Nabi uma selisondela ngasebhokisini.
Engxoxoweni neSoccerBeat kuYouTube uMasilela uthe Amakhosi kufanele axoxisane nobengumgadli weTS Galaxy uDzenan Zajmovic ongaba yisikhali esingcono phambili kunabadlali abakhona njengamanje.
UMasilela usho kanje ngemuva kokundlalela ngokuthi iChiefs ivalele amagoli amathathu kuphela emidlalweni eyisithupha yokulungiselela isizini entsha. Uthe lokhu kuyinkomba yokuthi uNabi akakayixazululi inkinga enkulu ebhekene neqembu lakhe; ukuhluleka ukubeka ibhola enetheni.
“Ngokubona kwami uMonyane udlale kahle. Uqhubeke la agcine khona eHolland. NoMshini naye udlale kahle, ubeshaya amaphasi abheke phambili noma iChiefs ibingeyona ingozi. Ibona badlali ababili engibabone bedlale kahle,” kusho uMasilela ekhuluma kwiSoccerBeat ngoMsombuluko.
“IChiefs kodwa idinga amagoli. Uma ungakori, ngeke uyinqobe imidlalo yebhola. Sebedlale imidlalo eyisithupha bavalela amagoli amathathu kuphele.
“Enye into engikhathazekile ngayo wukuthi uma bethwala kanzima ukukora bebhekene naleli qembu kuzoba njani kwiligi uma sebebhekene namaqembu anzima kune-Asante Kotoko. Bekufanele bavalele amagoli noma amathathu obekuzosiza iqembu likhulise ukuzethemba ngaphambi komdlalo wokuqala weligi.”
UMasilela uqhube wakhalaza ngoGoldy Lilepo athi ubukeka ehlelwe yifomu uma eqhathanisa indlela adlala ngayo manje nendlela aqede ngayo isizini.
Bekhuluma ngabagdali, uMasilela uthe ufisa ukubona iChiefs isayinisa obewumgadli weTS Galaxy uDzenan Zajmovic athi uzongena khaxa kwisitayela esidlaliswa wuNabi.
Uma iChiefs isayinisa uZajmovic izomthola mahhala kwazise akasekho emabhukwini eTS Galaxy.