IGibela Sport isihabule ngomthombo wayo ukuthi iKaizer Chiefs isashela uBongani Zungu ongenalo iqembu okwamanje.

IChiefs isematasa nokubumba isikwati sangesizini ka-2022/23 njengoba izimisele ngokuqukula izindebe. Isisayinise uZitha Kwinika no-Ashley Du Preez kwiStellenbosch FC.

UZungu watshela abeSABC Sport ukuthi iMamelodi Sundowns yilona kuphela iqembu eselixhumane nemenenja yakhe.

Abaphathi beChiefs sebeqalile ukukhuluma nemenenja kaZungu. IChiefs yaqala ukukhuluma nemenenja kaZungu ngoJanuary kodwa akukho okubambekayo okuphume ezingxoxweni.

Amakhosi awagcini ngo’Ben 10′ kuphela njengoba izingxoxo seziyela emaphethelweni nabadlali abathathu beSwallows FC uDillan Solomons, Kamohelo Mahlatsi noGeorge Matlou.

IGlamour Boys isilungele ukumemezela uYusuf Maart noSiyethemba Sithebe okungabadlali abayizethenjwa zeBafana Bafana.

Izingxoxo zihamba kancane noKobamelo Kodisang weSC Braga kodwa kuvela ukuthi lamaqembu kungenzeka avumelane ngokubolekisana lomdlali.