Oyisikhulu esiphezulu seSuperSport United uStanley Matthews usegonyuluke ngengxoxo yakhe noMqondisi wezemiDlalo kwiKaizer Chiefs uKaizer Jnr Motaung bedingida udaba lukaSipho Mbule.
UMbule usayine inkontileka yeminyaka emithathu neMamelodi Sundowns ngoLwesihlanu. ISuperSport neSundowns bagcine ngokuvumelana ngesamba esingadalulwanga izolo.
UMbule ubecathanyelwa iChiefs kodwa wagcina ebheke eChloorkop. UMatthews usedalule izingxoxo azibambe noMotaung Jnr.
“Isinqumo asiphumanga kwiSuperSport. Sihlalile nemenenja kaSipho Mbule, uMika Makaab saxoxa ngamaqembu afuna uMbule. Sikhulume ngeqembu ebesibona ukuthi angalunga uma esayina kulo.
UMakaab ubuyile wangitshela ukuthi usetholele uMbule indawo kwiSundowns. Sikhulumile neSundowns, angikaze ngifihle lutho. Ngakubeka obala ukuthi uMbule kungenzeka asishiye uma kuphela isizini.
Angikhumbuli kunelinye iqembu elafaka imali lifuna uMbule. Ngakhuluma noMike Makaab kuphela,” kubeka uMakaab ekhuluma noSkepe Matsebana wePower FM.
UMatthews ubuzwe ngezinhloso zeChiefs mayelana noMbule. UMatthews ukuhlalise obala ukuthi iChiefs yagcina ngokukhuluma kuphela, ayikaze ibeke imali eyacelwa iSuperSport.
“Angikaze ngithole umyalezo weChiefs ocacisa ngoMbule. Bangibuza kuphela nakhona kwenzeka ngoJulayi wangonyaka odlule, uSipho sasingamdayisi. Izinto zazihlukile kakhulu.
Abezindaba bafuna ukuthi iChiefs ihlulwe iSundowns kodwa kodwa akufikanga lapho,” kubeka uMatthews.