IChelsea isiziphindile edume ngazo ngokuhambela phambili iManchester City embangweni kaMarc Cucurella odlala esandleni sokunxele emuva kwiBrighton & Hove Albion.
IChelsea izimisele ukukhokha imali eshisiwe, iphinde yengeze nabadlali ngaphezulu.
IMan City inqabile ukukhokha u-€45 million obufunwa yiSeagulls. Lomdlali ucele ukukhululwa kwiBrighton ngesonto eledlule kodwa iCity isincamele ukuhoxa ezingxoxweni ngoba imali efunwa I’m a eqolo.
Kubikwa ukuthi uCucurella uzimisele ngokusebenzisana nomqeqeshi weChelsea uThomas Tuchel kanye nokudlala kwi-UEFA Champions League. UTuchel umkhonzile lomdlali, umbona engamsebenzisa nasodongeni lwasemuva.
IChelsea imatasa ifuna abadlali basemuva njengoba kuhambe u-Andreas Christensen no-Antonio Rudiger mahhala. Izamile ukuthola uJules Kounde, Matthijs deLigt, Nathan Ake noPresnel Kimpembe kodwa akulungi.
UKalidou Koulibaly uyena kuphela umdlali wasemuva osejoyine iChelsea.