Umqeqeshi weCape Town City FC uMuhsin Ertugral uthi leli qembu laseKapa lingasinqoba isicoco seBetway Premiership ngesizini ezayo uma bezokwazi ukugcina abadlali abakhona.

U-Ertrugral ubeke kanje ekhuluma nezintatheli ngemuva kokuthola isibhaxu sika 2-1 kwi-Orlando Pirates ngoMgqibelo okubashiye kunobolo 12 kwilog.

Empeleni nje ngemuva kokuaqala ngonyawo oluhle selokhu afika ukuzovala isikhala sika-Eric Tinkler, akuhambi kahle emasontweni ambalwa edlule njengoba iCityzens inganqobile emdlalweni emihlanu edlule.

“Ngizokhuluma ngikuveze nje ukuthi sibheke ushuni ozohlanganisa kahle iqembu, kodwa uma bezohlala bonke abadlali, ngesizini ezayo singasinqoba isicoco seligi,” kusho u-Ertugral.

“Kumele ngiwabale amagama ami, kodwa nakanjani bazobe besembangweni wesicoco.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi ulandelwe ukuzoba wusomaqhinga kwiCityzens, okwamanje usabambile kumsebenzi wokuqeqesha. ICityzens igcine ukusondela kwisicoco seligi ngesizini ka-2016/17 iqeda endaweni yesithathu ngaphansi kobuholi buka-Eric Tinkler oxoshiwe kule sizini.

Kule sizini iCT City iqinise isikwati ngabadlali okubalwa kubo uHashim Domingo, Kamohelo Mokotjo,
Amadou Soukouna noFortune Makaringe.

Isanda kujoyinwa ngowayengumdlali weBafana Bafana uThulani Serero okulindeleke ukuthi abe yingxenye yesikwati esizobhekana naMaZulu ngoMgqibelo.

Khonamanjalo, kubikwa ukuthi leli qembu lihlela ukuqasha inhloko yama-scouts yeSekhukhune United Sinesipho Mali ophinde abe yi-analyst yeBafana Bafana.