IConfederation of African Football (CAF) isithole isikhalazo ngoyisekela leSAFA uRia Ledwaba mayelana nokhetho lukaMengameli kodwa ithi ayizingeni izindaba zososeshini.

ICAF ithe izothumela izikhulu ezizoqapha ukhetho ngomhlaka 25 kuJuni, ukuze kuqikelelwe ukuthi lolukhetho luhambela ngendlela efanele.

Lencwadi isayine uNobhala-Jikelele weCAF uVeron Mosengo-Omba.

Abammeli bakaLedwaba bagcine sebebuza ukuthi kungani iCAF iphendula incwadi okufanele ibonwe iFIFA kuphela.

Ingxenye yencwadi ifundeka kanje.

“Siyitholile incwadi yesikhalazo yangomhlaka 9 kuMeyi ebhekiswe kuNobhala-Jikelele weFIFA uFatma Samoura. Incwadi yesikhalazo isola iSAFA ngokushintsha umthethosisekelo ngendlela engalungile, nangaphandle kokukhuluma namalunga ayo asokhethweni lukaMengameli. Lokhu kwenzeka emhlanganweni wangomhlaka 26 kuMashi.”

ISAFA iphendulile yathi angeke inanaze ngokuceba amalungu aphula umthetho kwiCAF neFIFA.

“ISAFA iyasamukela isinqumo seCAF neFIFA sokuzoqapha ukhetho. Siyajabula ngokuthintwa iCAF okuqinisekisa ukuthi ukhetho luzoqhubeka njengoba kuhleliwe ngomhlaka 25 kuJuni, I kusho uTebogo Motlanthe oyisikhulu esiphezulu kwiSAFA.

Umthombo oseduze noLedwaba ubize ukuthi kungani iCAF iphendula incwadi engaqondene nayo.

“ULedwaba akabhalelanga iCAF. Ubhale le iFIFA, iCAF yona yagamanxiswa kuphela encwadini. Kungani iCAF iphendula encwadini ethunyelwe kwiFIFA?” kubuza lomthombo.