I-Orlando Pirates isaqhubeka nokuqinisa isikwati sayo njengoba iqede isizini ka-2021/22 ilambatha.
Njengoba kuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngomhlaka 1 kuJulayi, iBucs izobe isimemezela abadlali ababili ebathenge kwiChippa United uBienvenu Eva Nga no-Azola Matrose. IBucs isiqedile ngezivumelwano neChilli Boys.
Labadlali bazomenyezelwa kanye noTapelo Xoki othengwe kuMaZulu. Kuzobuya ngisho nomgadli u-Evidence Makgopa obebolekiswe kwiBaroka. UMakgopa wasayiniswa kanye noGoodman Mosele kodwa wabuyiselwa kwiBakgaga ngokwesivumelwano esasayinwa.
U-Eva Nga, oseke wayibamba kwiBidvest Wits, ushaye amagoli alishumi kulesizini kodwa kunemibiko ebiveza ukuthi akajabule eGqeberha. Lomgadli ubesendleleni ebheke kwiChiefs kepha kwashintsha izinto sebehluleka ukufinyelela esivumelwaneni nemenenja yakhe.
UMatrose (19) ube nesizini enhle kwiDSTV Premiership, edlala imidlalo engu-14. Ungomunye wabadlali abekade bemataniswa neBucs kulesizini, kanti sekuyacaca ukuthi usebhekene khona eMayfair.