Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi banikezwa umyalelo wokufaka iqembu kwiCAF ekuqaleni kwesizini.
UNcikazi ubekhuluma ngemuva komdlalo weDSTV Premiership bebhudluza iMaritzburg United ngo 4-1 e-Orlando Stadium.
Umphumela ka 4-1 ubeke iPirates endaweni enhle yokungena kwiCAF Champions League ngesizini ezayo kodwa kusafanele ishaye iRoyal AM neSuperSport United emidlalweni esele.
UNcikazi uthi batshelwa zisuka ukuthi abafake iqembu kwiChampions League.
“Umyalelo ucacile, akusafanele sikhulume kakhulu. Siyithimba labaqeqeshi siyazi ngawo. Sinombandela okufanele siwufeze, akusadingeki sikhulume kakhulu.
Kubalulekile ukungena kwiCAF ngoba iPirates ifuneka khona lapho. Sizobe sihlulekile singabaqeqeshi uma singangenanga kwiCAF Champions League.
Sizozama ukungena kwiCAF. Kuzofana nokuthi sihlulekile uma singangenanga kwiCAF, umbandela omkhulu lowo,” kubeka uNcikazi ekhuluma nabeSuperSport TV.
IBucs izodlala neRoyal AM ngoLwesihlanu ngaphambi kokubhekana neSuperSport ezinsukwini ezintathu ezilandelayo.