Imenenja yePro Sport International uMike Makaab uthi iSC Braga yaqoka ukuchitha isicelo seKaizer Chiefs eyayisibeke nemali etafuleni ifuna ukuthenga uKobamelo Kodisang.

IBraga igcine ibolekise ngoKodisang kwiGD Chavez izolo. IChavez inikezwe igunya lokusayinisa lomdlali ngokugcwele uma igculisekile ngaye ekupheleni kwesizini ka-2021/22.

Udaba lukaKodisang ludonse kakhulu njengoba iChiefs ibikubeka obala ukuthi ifuna lomdlali.

IBraga yaqala ngokwelula inkontileka kaKodisang ngeminyaka emibili njengoba inkontileka yakhe yayizophela ngoJuni. Izingxoxo neChiefs zibhuntshile yize lamaqembu ebekhuluma isikhathi esiyizinyanga ezimbili.

“Angilungise inkulumo, ngakubeka ekuqaleni ukuthi angeke sivume uKodisang abolekiswe eqenjini elingadlali kwiPortugal Primeira Liga ngoba yayihlele kanjalo iBraga. Iqembu lalihlele ukumbolekisa esigabeni esingaphansi ePortugal.

Ngabachazela ukuthi angivumelani nokubolekiswa kwakhe eqenjini eliphansi, yingakho saqala ukukhuluma neKaizer Chiefs. Ngabachazela abaphathi beChiefs ukuthi yibona kuphela esizokhuluma nabo ngodaba lomdlali.

Angisoli muntu, womabili amaqembu awakwazanga ukuvumelana ngomdlali. Sesilindele ukubona ukuthi uzodlala kanjani eqenjini lakhe elisha,” kubeka uMakaab.

UKodisang uhamba indlela eyathathwa uLuther Singh naye owabolekiswa kwiPacos de Ferreira ngenhloso yokujwayela ukudlala ePortugal. USingh naye wayedlalela iBraga kodwa ugcine esedayiselwe iCopenhagen yaseDenmark.