Uyaqina umbango weBayern Munich neManchester United womdlali wePSG neNetherlands uXavi Simons.
Ngokwemibiko yakamuva, iBayern izimisele ukukhipha imali eshisiwe ukuze ithole lo mdlali obebolekwe iRB Leipzig ngesizini edlule.
Okwenza ahehe amaqembu amakhulu njengamanje wukuthi ngesizini edlule ivalele amagoli awu-8 nama-assist awu-11. Ngaphambi kwesizini edlule, lo mdlali oneminyaka ewu-21 ugile izimanga kwiPSV evalela amagoli awu-19 nama-assist awu-8 emdlalweni ewu-34.
IMan United isiqale ukumbuka nje yingoba sekufike owayengumqeqeshi wakhe kwiPSV, uRuud van Nistelrooy, osengelinye lamaphini ka-Erik ten Hag.
I-United ivele isanda kusayinisa uzwakwabo kaSimons kwiNetherlands, uJoshua Zirkzee.
Uma esayina uSimons, kuzoba nemibuzo ngekusasa likakapteni weqembu uBruno Fernandes njengoba kuzosho ukuthi kuzominyana utshumo kunombolo 10. Ngaphandle kwakhe kusekhona noCristien Eriksen kanye noMason Mount. U-Eriksen kulindeleke ukuthi abone afika ngayo, kanti uMount uchithe isikhathi esiningi elimele ngesizini edlule, kuzofana nokuthi isizini ezoqala ngeyokuqala yakhe kwi-United.
UFernandes ngakolunye uhlangothi usehlalile kwi-United, noma eyithanda, abaningi bambona efanelwe yiqembu angakwazi ukulwela isicoco seligi kulo.