IRichards Bay FC isiphumele obala yacacisa ukuthi ngeke imthungathe umqeqeshi omusha ngaphambi kwesizini ka-2025/2026 ngoba igculisekile ngomsebenzi owenziwa abaqeqeshi abakhona njengamanje.

IBay ikunombolo 11 kwilog yeBetway Premiership, kodwa kusangenzeka iqede kwitop 8 uma inqoba namhlanje bese kudliwa nabanye abangase beyiphazamise. Izobhekana neSuperSport United namhlanje ezama ukubalekela ama-playoffs.

NgoLwesine iBay ishicilele isitatimende igcizelela ukuthi ayimfuni umqeqeshi omusha.

“Sicela ukucacisa ukuthi akukho mqeqeshi ofunwa yiRichards Bay Football Club. Abaqeqeshi bethu, okunguRonnie Gabriel, Papi Zothwane noSiboniso Gumede basaqashiwe futhi sibheke ukuqhubeka sisebenzisane nabo. Basezinhlelweni zeqembu.

“Sicela nokubabonga ngendlela abenza ngayo umsebenzi, ngokuzinikela, nangendawo ababeke kuyo iqembu kwiligi.”