IBaroka FC isola umqeqeshi uDylan Kerr ngokuphuza umthetho weqembu ephuza utshwala bukhoma ehhotela lapho okwakubanjelwe kulo ikhempu yeqembu ngesikhathi sebio-bubble ngo-2020.
IBaroka noKerr bagijimisana kwiSAFA Appeals Board kudingidwa udaba lwemali engakhokhelwe lomqeqeshi kanye nokungaziphathi ngendlela okubhekiswe kulomqeqeshi.
UKerr, oseqeqesha iSwallows, ufuna izizumbulu ezibalelwa ku-R6.1 million kwiBakgaga ayisola ngokumxoalsha ngaphandle ngokulandela imithetho efanele. Abammeli baKerr bathi iBaroka iyaziphika izinsolo ezibhekiswe kuyo.
Amaphepha athunyelwa abammeli baKerr kwi-Appeals Board basekomidini lePSL eliqondisa izigwegwe abeka yonke into obala.
Ikomidi eliqondisa ubugwegwe layalela iBaroka ukuthi ikhokhele uKerr u-R3.5 million ngesizathu sokumxosha ngokungekho emthethweni ngoNovemba 2020.
IBaroka ithi uKerr wafika notshwala ehhotela ngomhlaka 24 ku-Okthoba 2022, wanikeza nethimba labaqeqeshi efuna liphuze naye ngesikhathi somsebenzi. Abammeli baKerr bathi lomqeqeshi akaphulanga umthetho wezwe, oweqembu no weligi ngokufika notshwala ehhotela.
“Amaphepha ekomidi lezigwegwe athi iBaroka yathola uKerr enecala lokungcolisa igama leqembu ngemuva kokukhuluma kumabonakude esola izikhulu zeqembu ngokugxambukela emsebenzini kamqeqeshi. Waxolisa ngalokho uKerr.
Watholwa enelinye icala lokuthuka isekela lakhe ngenhlamba kubuka nabadlali. Elinye icala elokufika notshwala abuphuze ehhotela lapho kwakubanjwe khona ikhempu yeqembu.
Waphinde watholakala enecala lokuhluleka ukubeka iqembu kunombolo 8 ngesizini ka-2019/20, okuwumbandela owawubhalwe kwinkontileka yakhe neqembu.”
Abammeli baKerr bathi awukho umthetho owaphulwa uKerr ngokufika notshwala.
“Kuyaziwa ukuthi uKerr waphuza utshwala nabasizi bakhe ehhotela lapho kwkauhleli khona iqembu. Lokho kwenzeka ngesidlo santambama.
Umlolongi uPatrick Munzhelele wafakaza ukuthi ithimba labaqeqeshi lasala ngemuva sekuqedwe isidlo sasebusuku, bahlangana egumbini lakhe. Bafika endlini yakhe, wabanikeza utshwala.
UMunzhelele uthi waphuza ugologo awuthola kuKerr, hhayi utshwala. UKerr wabuyela egumbini likaMunzhelele kodwa akabuthintanga utshwala. UKerr wahamba esanda kuthola ugologo kuMunzhelele.”
ISAFA izohlela usuku, indawo nesikhathi sokuqulwa kwecala.