USihlalo weBaroka uKhurishi Mphahlele uthi bazodedela iningi labadlali abanesipiliyoni kulelisonto, babuyele kwindlela yabo yakudala yokuvundulula abadlali abangaziwa njengoba iqembu selizoqala impilo kwiGladAfrica Championship.
Ukwehlela kwiGladAfrica Championship sekuphoqe iBaroka ukuthi idedele abadlali, yaphinde yacindezelwa umgomo weNFD ophoqa amaqembu ukuthi asebenzisa abadlali abaneminyaka emincane.
Ihhovisi leBaroka lizophithizela kulezinsuku ezilandelayo, kudingidwa izingxoxo ngekusasa labadlali okungenzeka bashiye.
IBaroka isidedele uCyril Chibwe, uDenwin Farmer, Vuai Sibiya, Nhlanhla Mgaga, Evidence Makgopa noBonginkosi Makume. Kulindeleke ukuthi kulandele abanye abazophuma ngomnyango.
“Sizothatha izinqumo ngabadlali, izinkontileka zabo ziyaphela ngoLwesine. Sizobamba umhlangabo nabo. Sizobadedela abafuna ukuhamba. Sizoxoxisana nalabo abazimisele ngokuhlala eqenjini.
Sizoqiniseksia ukuthi uVincent Kobola uthola bonke abadlali akabafunayo. Kuwumsebenzi wakhe ukuhlanganisa iqembu.
Isikwati sethu besigcwele abadlali abanesipiliyoni, esingeke sikwazi ukubagcina. Kufanele sithole abadlali abanomfutho, abanethalente, abazokwazi ukutakula iqembu. Sizoba nomqondo ophusile ngabadlali abazosala eqenjini uma kuphela inyanga,” kubeka uMphahlele ekhuluma nabeSowetan.
IBaroka ivundulule abadlali abafana noMakgopa, Oscarine Masuluke noGoodman Mosele, bagcine sebefike esikwatini seBafana Bafana. UMakgopa noMosele sebedlalela i-Orlando Pirates.
UMphahlele uthi bazobuyela emuva, bazame ukuvukuza amadayimane angcolile, bewapholishe ukuze ezoveza ubuhle nawo enkundleni.
“Sijwayele yokuvundulula abadlali abanethalente abangaziwa. Sizoqhubeka nokwenza lokho ngoba sikujwayele. Angeke sishintshe, senze into esingayijwayele. Sijwayele ukuthola abadlali abancane, sibapholishe ukuze bezozisiza bona neqembu ngokunjalo,” kubeka uMphahlele.