Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi iminyaka engu-22 eyedlule iyakhombisa ukuthi alukho ushintsho ebholeni laseNingizimu Afrika.

UBroos uthi kudingeka isisombululo esizovala lelihlazo. Lomqeqeshi ubekhuluma nabezindaba ngoLwesibili eSAFA House.

Lomqeqeshi uqale ngokuhlaluka ecacisa ukuthi alifani izinga labadlali phakathi kweBafana neMorocco ebashaye ngo 2-1 kowokuhlungela i-AFCON 2023 ngoLwesine olwedlule.

UBroos uthe izinga lePremier Soccer League (PSL) liphansi kakhulu, yingakho iqembu lesizwe linabadlali abashaya udaka.

Lomqeqeshi uthi impumelelo yeBafana eminyakeni engu-22 eyedlule ayichazi lutho. Uthe iBafana yadlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010 ngoba ingosokhaya. Ugxeke amaqembu akuleli ngokujabulela ukudlala kwimiqhudelwano yeCAF kuphela.

“Kuningi okwenzeka eminyakeni engu-22 eyedlule, iqembu lijike kuma-quarterfinals e-AFCON, kwaphela kanjalo. Sadlala kwiNdebe yoMhlaba ngoba singosokhaya. Akukho okwenzeka ukuze ningene kwiNdebe yoMhlaba.

Namanje awukho umehluko. Angifuni ukubukela sengathi ngigxeka iMamelodi Sundowns nePirates, badlale kahle kwiCAF. Kodwa amaqembu anqobe kwiCAF awaseMorocco, usungajabula ngokufinyelela kuma-semifinals. Kufanele sijabulele ukunqoba, hhayi ukuhamba ibanga elide,” kusho uBroos obeneka amaqiniso odwa.

IBafana ikleliswe endaweni ka-69 kwiFIFA, okuyinto evimbela abadlali bakuleli uma befunwa amaqembu ase-Europe. UBroos uthi iBafana bekufanele ikopele kwiBelgium esiphethe ubisi lwabadlali okukhona kubo u-Eden Hazard, Romelu Lukaku noKevin De Bruyne.

“Kufanele senze kangcono, kuyaphoqa ukuthi sikhulumisane nezikhulu zeligi nabaqeqeshi. Kubalulekile ukuthi umuntu azikhulumele yena asho inkinga ayibonayo, Kuvele nezisombululo zokulungisa izinkinga.

Kufanele siqinise ekucijeni abadlali abasezingeni abazobangwa amaqembu ase-Europe. Ngikhuluma iqiniso, alikho iqembu lase-Europe elifuna abadlali baseNingizimu Afrika. Kufuneka abadlali baseGhana, Cameroon, Ivory Coast neSenegal.

INingizimu Afrika ayikhulunywa indaba yayo. Kufanele sikushintshe lokho. Imiphumela yoshintsho izobonakala ngokushesha, angeke silinde iminyaka elishumi. Akukho okuzoshintsha uma izinto ziqhubeka kanje, iqembu lizohlala endaweni ka-70 kwiFIFA,” kusho lomqeqeshi.

UBroos usahole iBafana emidlalweni elishumi kuphela kusukela athatha izintambo kuMolefi Ntseki ngoMeyi 2021. Unqobe imidlalo emihlanu, washaya kwemithathu, emibili yaphela kucazelwane amaphuzu.