Umqeqeshi weMarumo Gallants uDan ‘Dance’ Malesela uthi akufanele kukhulunywe indaba yokunabukelisa abadlali kwiBafana Bafana, kuyaphoqa ukuthi kubizwe abadlali abasezingeni kuphela.

UMalesela uphawula nje umqeqeshi weBafana uHugo Broos ndawozonke ngenxa yabadlali akababiza esikwatini. Ushiya abanye abadlali ngenxa yeminyaka emidala, ngoba ukholwa ukuthi abadingeki ekubumbeni iqembu kabusha.

UMalesela ukholwa ukuthi iBafana idinga abadlali abasezingeni eliphezulu abakulungele ukudlala kulesigaba, kunokuthi kubizwe abadlali abasazonabukeliswa.

UMalesela ubekhuluma nabezindaba emcimbini weSA Football Coaches Association (SAFCA) obubanjelwe eSAFA House, eNasrec ngoLwesine.

“Kungcono ukubiza abadlali abayisithupha beMamelodi Sundowns uma besezingeni elifanele. Noma bengu-9, ababizwe. ISpain besenza kanjalo, akubizwe abadlali abasezingeni.

Iqembu lesizwe akusiyona indawo yokwakha. Angeke ukhande iqembu lesizwe. Udlalela ukuwina eqenjini lesizwe ngoba maningi amaqembu, kukhona nezindawo zokukleliswa kwiFIFA.

Kudingeka abadlali asebelungile. Amaqembu okufanele alungise abadlali, umqeqeshi yena uyaqoka kuphela. Ubheka abadlali abashaya into ecokeme, ubadlalise esikwatini,” kusho uMalesela.

UDan Dance uthi kusekude phambili uma iqembu lesizwe lizothatha indlela yokuphuculula abadlali abangekho ezingeni.

“Sifuna impumelelo, sifuna izwe lethu libonakale. Angeke uyozama ukuphuculula abadlali eqenjini lesizwe. Sikuphi isidingo sokubanabukelisa ngoba bazohlola eqenjini lesizwe vele.

Angeke ukhulume ngeminyaka emihlanu, awazi okuzokwenzeka eminyakeni ezayo ngabadlali. Kuzokwenzekalani uma umdlali esehluleka ukuziphatha ngendlela, egcina esephuma ebholeni.

Angeke ukhande umuntu ongasekho ebholeni, uzothini uma belimala? Kudingeka abadlali asebelungile. Ukhanda into ebhekephi? Kufanele iqembu lesizwe lidlalele ukungena kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uMalesela.