Umdlali ofike kwiLaLiga kwezwakala ngesizini edlule, uMason Greenwood, kulindeleke ukuthi amanyezelwe njengomdlali we-Olympique Marseille edlala kuLigue 1 eFrance.
UGreenwood uzakhele igama kwi-Manchester United enyuselwa eqenjini elikhulu esaneminyaka engu-17 la afike wadlala kahle kakhulu khona ngaphansi kwesandla sika-Ole Gunnar Solskjaer. Indlela adlala kahle ngayo yaze yaholela ekuthenini abizwe esikwatini esikhulu sase-England ngo-2020.
Ukukhula kuka-Greenwood kuphazamiseke ekuqaleni kuka-2021 emiswa ebholeni ngenxa yokuhlukumeza umuntu ahlekisana naye, njengoba eze wabuya ekuqaleni kwesizini ephelile la abolekiswe khona kwi-Getafe edlala kwi-La Liga eSpain. Ubuye waziveza ukuthi usangadlala ezingeni eliphezulu, okwenze agcine esefunwa amaqembu amaningi ase-Europe.
Emva kwemibiko embalwa evela kwintatheli yase-Italy u-Fabrizio Romano, sekucacile ukuthi lesi sphekepheke sizogijima kuphi ngesizini ka-2024/25.
Kumanje u-Greenwood use-France, la azoqale ahlolwe khona bese esayina isivumelwano esizomenza umdlali we-Marseille ngokusemthethweni. Imibiko ikhomba ukuthi i-Marseille ne-Manchester United bavumelane ngesamba esilinganiselwa ku-£31 million, kanye ne-sell on clause ka-50%. Le nkontileka ayoyisayina eyeminyaka emihlanu, okusho ukuthi uzogijima kwi-Uber Eats Ligue 1 kuze kushaye u-2029 uma engathengwanga ngaphambi kokuphela kwenkontileka ne-Marseille.
ISell on clause iyisivumelwano sokuthi mhla edayiselwa elinye iqembu, iMan United izothola uhhafu wemali azodayiswa ngayo.