Ngesikhathi iManchester United iqashe uRalph Rangnick, obizwa ngoyise wamaqhinga ebhola asetshenziswa abaqeqeshi abaphambili e-Europe okubalwa kubo uThomas Tuchel, Jurgen Klopp noJulian Nagelsmann, abalandeli abaningi bagculiseka ngezincomo aziphakamisa ukulungisa iqembu.

Phakathi kwalezo zincomo, uRangnick waphakamisa ukuthi i-United idinga ‘ukuhlinzwa’ ngokudayisa abadlali abayishumi, kuthengwe abanye abazovala izikhala zabo. URangnick wabeka izizathu zokuthi inkinga abhekene nayo kwiRed Devils ukuthi kunabadlali abangaqeqesheki, abahlulekayo ukulandela imiyalelo elula.

Ngesikhathi echaza iphuzu lakhe, wenza isibonelo ngomdlali oyedwa angambizanga ngegagama ukuthi wachitha isikhathi esingange-hora emfundisa into ethile, kwaze kwabukeka sengathi uyayibamba, wafika ngakusasa emdlalweni wazenzela into yakhe.

Kucacela ngisho ingane encane ebuka ibhola ukuthi kukhona into engahambi kahle kwi-United, ikakhulukazi kwindlela abadlali abadlala ngayo enkundleni. Umqeqeshi omusha u-Erik ten Hag ubedlalisa ingcwenga yebhola kwi-Ajax. Bekungalindelekile ukuthi i-United idlale ibhola elihle zisuka, kodwa bekungalindelekile futhi ukuthi ivule ngenduku enzima kanje emdlalweni emibili yokuqala iligi. I-United ibulawe ngo 4-0 ibhekene neBrentford ngoMgqibelo ntambama. UTen Hag uwumqeqeshi wokuqala emnyakeni engaphezulu kuka-100 ukushaywa imidlalo yakhe emibili yokuqala kwi-United.

Abaphathi be-United, okuwumndeni wakwaGlazer, kumele bazinuke amakhwapha ngokuwa kweqembu eminyakeni ewu-10 edlule, bacacisele nabalandeli ukuthi kungani zazitshwa iziphakamiso zikasomaqhinga ohlonishwayo e-Europe. Ngemuva kweziphakamiso zakhe uRangnick, wakhonjwa indlela ngaphezu kokuthenjiswa isikhundla sokweluleka iqembu.

Enye yezinkomo zeManchester United, uLuke Shaw, ubedlala ngesikhathi beshaywa ngo 4-0

Ngaphandle kwesidingo sokushintshwa kwabadlali, enye into ethusayo kwi-United ukungabekwa ebhentshini kwabadlali ababozayo njengoHarry Maguire, Scott McTominay, Bruno Fernandes noLuke Shaw. Laba badlali ngathi kwasayinwa kwizinkontileka zabo ukuthi kumele badlale ngisho beshaya udaka. Kuyimanje leli qembu lizama ukudayisa u-Eric Bailly, ongcono ngamalengiso kunoMaguire.

Nonozinti uDavid De Gea naye benza iphutha ngokumqalisa yedwa, useze wanethezeka ezintini okumenza abe namaphutha.

Uma i-United ingaludedeli uvucu lwabadlali noma ilubeke ebhentshini, kukhona okusina kuyijeqeza ngasezembeni.

Ngilandele kwi-Twitter: @mcebo_khuba