Seluphelile uhambo lwe-Orlando Pirates kwiCAF Champions League ngemuva kokushaywa kuma-penalty emlenzeni wesibili e-Orlando Stadium.

IBucs ishaye iSt Eloi Lupopo ngo 3-0 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama, okukhombe umdlalo kuma penalty. IBucs iphume kugeja uMbuthuma kw-sudden death.

Umdlalo uqale ngegiya eliphansi esiwombeni sokuqala, kucacile ukuthi lilodwa iqembu elizodlala ibhola, elinye lizele ukuzovala emuva.

Ngomzuzu wesine kuphume ikhadi lokuqala kulo mdlalo uNemtajela ekhombisa ukungenami ngesinqumo sokunganikezwa ipenalty ngemuva komnyakazo omuhle omthole esebhokisini.

Orlando Pirates Starting XI: Chaine, Sebelebele, Seema, Mbokazi, Hotto, Nduli, Nemtajela, Mbule, Moremi, Maswangangyi, Appollis.

Umqeqeshi weBucs uqoke ukuqala lo mdlalo ngaphandle komgadli, ebeka ebhentshini uYanela Mbuthuma noTshegofatso Mabasa.

Kusheshe kwacaca esiwombeni sokuqala ukuthi iLupopo izele ukuzovimba emuva e-Orlando, bese idla isikhathi.

Kuze kwashaya umzuzu ka-20 iBucs ingakamuzwa unozinti weLupopo indlela ebigqishe ngayo emuva.

Amashodi amaningi eBucs abevela ngaphandle kwebhokisi ngenxa yokuminyana kwabadlali beLupopo ebhokisini bevikela igoli.

IBucs ize yavalela igoli lokuqala ngomzuzu ka-40 kukora uNemtajela kodwa kube yinjabulo yesikhashana njengoba kuphume ngekhadi elibomvu omunye wabadlali abahlaselayo uMoremi. Nasohlangothini lweLupopo kuphume oyedwa ngekhadi elibomvu.

Esiwombeni sesibili umqeqeshi weBucs ukhiphe uNemtajela noMbule, wafaka uMbuthuma noDlamini. UDlamini usheshe waveza ukuthi ufakelweni enkundleni ekhahlela ibhola elihle engaphandle kwebhokisi kodwa lavinjwa wunozinti.

ILupopo ngakolunye uhlangothi iqhubekile nokugqisha emuva ivikela amapali kodwa ihlulekile ukuvala uMbuthuma kwi-corner, obeke iBucs ku 2-0.

Ngemuva kwaleli goli iBucs ibisishoda ngegoli elilodwa ukuze ilinganise umdlalo, nangempela lagcina lingenile ngomzuzu wokugcina u-Appollis evalela igoli elihle.

Ngaphambi kokuqala komdlalo abadlali beLupopo baziqhathe nonogado base-Orlando befuna ukungena enkundleni ngaphandle kwe-accreditation. Lokhu kuphakamise imimoya phakathi kwabadlali nonogada, kodwa bagcine bewavezile ama-accreditation, bangena enkundleni.