Inhlangano yezepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF) inxusa iSAFA ukuba iqale ukuholela abadlali beBanyana Banyana ngokufanayo neqembu labesilisa iBafana Bafana.
IBanyana yenza ezibukwayo kwi-African Women’s Cup of Nations (AWCON) ebanjelwe eMorocco kulenyanga. IBanyana isidlulele kuma-semifinals ngemuva kokushaya iTunusia ngo 1-0 ngoLwesine.
IBanyana inqobe yomithathu imidlalo esigabeni samaqoqo. Ukungena kweBanyana kuma-semifinals kuphinde kwayifaka kwiNdebe yoMhlaba ezosingathelwa e-Australia/New Zealand ngo-2023.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu, i-EFF ibongele iqembu labesimame ngokungena kwiNdebe yoMhlaba, yaphinde yahlaba ikhwelo kwiSAFA, abaxhasi nohulumeni ngodaba lokulingana kweholo namabhonasi emaqenjini esizwe.
“I-EFF ibongela iBanyana Banyana ngokuzibekisela ngendawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2023 ngemuva kokushaya iTunusia ngo 1-0.
Emazwini kamqeqeshi uDesiree Ellis othe: “Sinqobele bonke abantu baseNingizimu Afrika, abanye abakwazanga ukubukela umdlalo ngenxa yokuhamba kukagesi.
Siyanxusa kuHulumeni, abaxhasi neSAFA ukuze bashintshe ukwenza, bakhokhe imali eyengeziwe yamabhonasi kweBanyana njengoba benza nakwiBafana.
Sibafisela okuhle kodwa emdlalweni olandelayo neCopper Queens yaseZambia ngomhlaka 18 kuJulayi 2022 ngehora lesikhombisa ebusuku. Izwe liyaneseka,” kuchaza isitatimende.
Ngaphambi kokuqala kwe-AWCON, iSAFA yathembisa ukukhokhela abadlali beBanyana ibhonasi ka-R10 million uma inqoba lomqhudelwano. Umdlali ngamunye uzothola u-R400 000 uma iBanyana inqoba i-AWCON. Uma iqembu liqeda endaweni yesibili, abadlali bazothola u-R55 000.