Kuhlukana inhloko nesixhanti kubakhiqizi bama-game abahamba phambili emhlabeni i-Electronic Arts (EA Sports) nenhlanganno ephethe ibhola emhlabeni iFIFA.
Ziqale ukusabalala ngoLwesibili izindaba zokuthi i-EA Sports ayisafuni lutho ezoyihlanganisa neFIFA ngemuva kokusebenzisana iminyaka ewu-29.
IFIFA kuthiwa itshele le nkampani ukuthi isifuna u- £1 billion ukuze iqhubeke isebenzise igama layo kulo mdlalo odumile kubathandi bePlaystation ne-Xbox.
Isikhulu esiphezulu sakwa-EA Sports u-Andrew Wilson sibonge ubudlelwano obude neFIFA abenze ngabo imali eningi, wathi i-game yabo ibidume kakhulu kunomsebenzi weFIFA njengesigungu esengamele ibhola emhlabeni.
“Into ebesiyithola kwiFIFA uma kungeyona iNdebe yoMhlaba izinhlamvu ezine nje kuphela, emhlabeni la abaningi abangasiliboni khona ngisho ibhokisi le-game ngoba abaningi bayithenga online,” kusho uWilson ngokweVideo Games Chronicle.
UWilson uqhube wathi iFIFA ibibabambezela ezinhlelweni zabo zokuthuthukisa le-game, okuyinto asebezokwazi ukuyenza. Ukubambisana phakathi kwe-EA Sports neFIFA kuzophela ngemuva kweFIFA Women’s World Cup engo-2023 kodwa iFIFA 23 kuzoba ngeyokugcina.
I-EA Sports ihlela ukukhipha i-game entsha ezobizwa nge-EA Sports FC ngonyaka ozayo okuthiwa ngeke ihluke kakhulu kwiFIFA.