Intatheli Yezemidlalo

Iqembu lase-England elivame ukuphuthwa abadlali abaphambili abasafufusa e-Europe, i-Arsenal, kubikwa ukuthi seliqalile ukuzishelela kumdlali obolekwe kwiReal Madrid, uMartin Odegaard.

Ngokwephephandaba iThe Times, izikhulu ze-Arsenal zikholwa ukuthi lo mdlali engakujabulela ukudlalela leli qembu noma okungenani ukwelula inkontileka yakhe yokubolekwa, enqamuka ekupheleni kwale sizini. Lo mdlali ujoyine iGunners ngoJanuwari kulandela ukushoda kwabadlali abahlakaniphile ebholeni abakwazi ukuphakela abagadli kanti usedlale imidlalo engu-12 eqenjini likaMikel Arteta washaya amagoli amabili.

U-Odegaard ube nesandla kumagoli amabili ezakhe zibuya ku 3 – 0 zadlala ngokulingana (3 – 3) zibhekene neWest Ham ngeSonto, okumenze waqokwa njengomdlali ovelele emdlalwenImibiko eSpain iveza ukuthi iMadrid ingase iphoqeleke ukudayisa abadlali abangekho ezinhlelweni zomqeqeshi uZinadine Zidane ngenxa yokushayeka kwenzuzo yeqembu okudalwe yiCovid-19. IMadrid ingase ifune imali elinganiselwa ku-£51million kumaqembu afuna lo mdlali waseNorway kodwa kuvela nokuthi nayo ngeke ibe manqike ukuphinde imbolekise lo mdlali.

Ngaphandle kuka-Odegaard iMadrid ibolekise nomgadli uLuka Jovic ngokunjalo nomdlali osabalwa nabaphambili emhlabeni uGareth Bale.