ILamontville Golden Arrows isinikeze iKaizer Chiefs igunya lokusayinisa uPule Mmodi ngaphambi kwamanye amaqembu amfunayo.
UMmodi ufunwa iChiefs, Orlando Pirates kanye naMaZulu.
UMmodi ushaye ibhola elicokeme ngesizini yakhe yesibili kwiDSTV Premiership, wagcine eseqokelwa esikwatini seBafana Bafana izikhathi zilandelana.
Inkontileka kaMmodi izophela kulenyanga kodwa i-Arrows isiqoke ukuyelula ngonyaka owodwa, okuwumbandela obishicilelwe kuyo inkontileka.
Ngokombiko weSABC Sport, i-Arrows ayizimisele ukuvimba indlela kaMmodi ebheke eNaturena.
“IChiefs iyiqembu lokuqala esikhulume nalo ngoMmodi, yibona esibanikeze igunya lokuqala. Bazimisele ngomdlali, kubalulekile ukuthi sibabeke eqhulwini.
Sizoqala ukubheka amanye amaqembu uma sesibona ukuthi akukho okubekwa iChiefs etafuleni. Okwamanje sisanikeza iChiefs indawo eyikhethelo,” kubeka umthombo Okhulumela nabeSABC Sport.
Kuvela ukuthi iChiefs yaqala ukulandela lomdlali esayibamba KwiGladAfrica Championship noThongathi. I-Arrows yafika kuqala kulomdlali kwazise ingomakhelwane noThongathi.
Inkontileka kaMmodi isizophela ngoJuni 2023, okuyisizathu esenza Abafana Bes’thende bafune ukumdayisa ngokushesha.