Uma kwenzeka iLamontville Golden Arrows ishaya AmaZulu eMoses Mabhida Stadium kusasa, izobe isilinda umphumela womdlalo weSuperSport United ne-Orlando Pirates ozocacisa ukuthi Abafana Bes’thende bayangena yini kwiTop 8.
Umdlalo wePirates neSuperSport uhlehliselwe isonto elizayo.
IBucs ishaye iRS Berkane kowamanqamu weCAF Confederations Cup izolo ebusuku.
I-Arrows neSuperSport bayalingana ngamaphuzu angu-37, AmaTsatsantsa ahleli kunombolo 8 ngesizathu sokushaya amagoli amaningi kuneqembu likaMato Madlala elingemuva kunombolo 8.
Abafana Bes’thende bahlalelwe yijoka elisindayo lokushaya Usuthu olungayazi induku selokhu kwaqashwa uBrandon Truter. AmaZulu anqobe imidlalo emithathu, adlala ngokulingana kwemithathu.
Isitobha se-Arrows uThabani Zuke uthi kusengenzeka noma yini.
“Kunzima, kusengenzeka noma yini emdlalweni weSuperSport nePirates. Kungenzeka singene kwiTop 8 noma singangeni ngoba sizolinda ezinye izinsuku. IPirates idlala kowamanqamu, kungenzeka babuye nendebe, befune ukunqoba yonke imidlalo,” kubeka uZuke.
UZuke uthi bawaqaphile AmaZulu.
“AmaZulu adlala kahle selokhu kufike uTruter, lokho kuyasikhathaza. AmaZulu afika ejimile uma ezodlala nathi. Silindele lokho emdlalweni. Bazodlala okokugcina phambi kwabalandeli nabo, bazofuna ukubuya namaphuzu amathathu.
Sifuna ukungena kwiTop 8, sizobaqinisela emdlalweni. Bazofuna ukuqinisa kulomdlalo. Umdlalo womkhaya, kufanele siqinisele ukuze sizowina,” kusho uZuke.