Izinkunzi zaseQatar i-Al Saad isixoshe umqeqeshi uJavi Garcia.
UGarcia uxoshwe ngoba iqembu lingasadlali ibhola elidla utshani elijwayelekike kanti liphinde lahluleka ukuqukula isicoco se-AFC Champions League.
Kuvela ukuthi i-Al Saad igaqele uPitso Mosimane wakuleli ukuthi azoyiqeqesha ekuqaleni kwesizini ka-2022/23.
UPitso useke wayidlalela i-Al Saad ngaphambilini. IQatar Stars League izoqala ukudlala ngomhlaka 1 kuJulayi nonyaka.
Iziko labezindaba iFilGoal libikile ezinsukwini ukuthi uPitso unezesheli EQatar kodwa alidalulwanga iqembu elimfunayo.