UMengameli weSAFA uDanny Jordaan uthi i-ABC Motsepe League iyisibonelo esihle esikhombisa ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika liyakhula.
Uthi abantu ababona sengathi ibhola lakuleli a likhulu bakhuluma imbudane.
UJordaan ubekhuluma emcimbini wokuqathwa kwamaqembu azodlala kumaPlay-Offs e-ABC Motsepe League izolo eSAFA House. Imidlalo izosingathwa ePotchefstroom kusukela ngomhlaka 13 kuya ku-19 Juni.
UDanny uncome amaqembu afinyelele esigabeni samaPlay-offs, wathi bayisibonelo esihle esigqamisa ukukhula kwebhola kuleli.
“Kukhona amaqembu amane kwiPSL asuka ezindaweni ezisemakhaya. Imiqhudelwano yePSL, NFD ne-ABC Motsepe League idlala ezweni lonke. Uyancomeka umsebenzi owenziwa izifunda nezifundazwe ekukhuliseni ibhola.
Kukhona amaligi ezifunda. Ukhushulekwa kwiligi yesifundazwe (ABC Motsepe League) uma unqobe kweyesifunda. Ekugcineni kufanele unqobe kumaPlay-Offs ukuze ungene kwiGladAfrica Championship, okuyisigaba sokuqala ebholeni lakuleli.
Umuntu ocabanga ukuthi azikho izinhlaka zebhola esikhombisa ukukhula kuleli ukhuluma imbudane. Nebhola labesifazane liyakhula ngokunjalo,” kubeka uJordaan.
Womabili amaqembu azofinyelela kowamanqamu azongena kwiGladAfrica Championship ngesizini ka-2022/23. Iqembu elizodla umhlanganiso lizomuka no-R1 million, elishaywe kowamanqamu lihlabane ngo-R600 000.
ISAFA iphinde yamemezela ukuthi abadlali abazoshaya ingcwenga yebhola eNorth West bazoqokelwa esikwatini seBafana Bafana esizodlala kweyokuhlungela i-African Nations Championship (CHAN).
Ziyisithupha izifundazwe ezinamaqembu aseqinisekise ukudlala kumaPlay-Offs. Kukhona i-MM Platinum (Gauteng), Bayern (Mpumalanga), Dikwena United (Free State), Spear of the Nation (Eastern Cape), Zizwe United (Western Cape) neSummerfield Dynamos (KwaZulu-Natal).
Limpopo, Northern Cape neNorth West basaqula amacala okuqinisekisa amaqembu azodlala kumaPlay-Offs.
Oyisikhulu seSAFA uTebogo Motlanthe uthi inhlangano isimo ngomumo ngemidlalo yamaPlay-Offs, kuzoshaya uLwesihlanu sekuqediwe ngamacala akwezinye izifunda.
“Siyilungele imidlalo yamaPlay-Offs. Kusekhona izifunda ezintathu okufanele ziqedele amacala eNkantolo. Amacala azophela ngoLwesihlanu. Ngiyazi eLimpopo kuzoqulwa icala ngoLwesithathu. Sesilungile,” kubeka uMotlanthe.
ABC Motsepe League Finals Playoff Groups
Group A: Northern Cape; Limpopo; Spear of the Nation (EC).
Group B: MM Platinum (GP); Dikwena United (FS); Zizwe United (WC).
Group C: Summerfield Dynamos (KZN); Bayern (MP); North West.