Lasuka lahlala! Uyasuka umzukuzuku weDStv Premiership 2022/2023 kule mpelasonto. Emdlalweni wokuqala kuqhathwe ompetha beligi iMamelodi Sundowns neqembu eliqede kunombolo 2, iCape Town City.

Kuzoba wumdlalo oshubile njengoba nangesizini edlule iCape Town City ikhombise ukungayesabi nakancane iSundowns. Ngomgqibelo kuneSoweto Derby ephakathi kwe-Orlando Pirates neSwallows FC. IKaizer Chiefs izovakashela iRoyal AM eThekwini, uGavin Hunt, osepheka iSuperSport United, uzobhekana neqembu elimxoshe kabuhlungu iChippa United. Kule preview sicebisa amaphanta ngemidlalo yeDStv Premiership. 

Friday 5 August 2022 (ngoLwesihlanu)

2/1 Cape Town City | Draw 2/1 | Sundowns 14/10 (19:30) 

IDStv Premiership izoqala ngomdlalo okulindeleke ukuthi ushube kule mpelasonto phakathi kwamaqembu aqede kwi-top 2 ngesizini edlule. ICape Town City iqede isizini isele ngamaphuzu awu-16 kwiMamelodi Sundowns, kodwa ingelinye lamaqembu akwaze ukuxebula amaphuzu kuyo. Ngesizini edlule iSundowns idlale ngokulingana izikhawu eziwu-8 yadliwa kathathu kuphela. ICape Town City ayibanga nesizini embi kakhulu nayo njengoba idliwe kahlanu kuphela. Omabili lawa maqembu athenge abadlali abasha ukuqinisa izikwadi njengoba ezobe edlala kwiCAF Champions League. Angiyiboni iphuma namaphuzu aphelele kulo mdlalo iSundowns, ngibona kuwinan iCitizens, kungenjalo umdlalo uzophela ngokulingana (double chance). Isiwombe sokuqala ngisibona siphela zibambene. 

Saturday 6 August 2022 (ngoMgqibelo)

13/10 Golden Arrows | Draw 2/1 | Richards Bay 22/10 (15:00) 

IRichards Bay izoya kulo mdlalo inokuzethemba kulandela imiphumela ethembisayo ibhekene namaqembu asenesikhathi egijima kwiDStv Premiership ngesikhathi ilungiselela ukuqala kwesizini ka-2022/2023. INatal Rich Boyz idlale ngokulingana naMaZulu FC kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup (yadliwa kuma-penalty), yaphinde yadlala ngokulingana neRoyal AM (yadliwa kuma-penalty) kwiKZN Premier’s Cup. IGolden Arrows ngakolunye uhlangothi ukwazile ukugcina abadlali bayo abaningi bangesizini edlule, yadedela ukapteni uNkosinathi Sibisi. Abafana Besthende baqede isizini edlule kahle beqoqa amaphuzu awu-8 emdlalweni emihlanu. 

Ngilindele umdlalo oshubile kodwa angiwuboni uzoba namagoli amaningi. Ngibona i-Arrows iwunqoba umdlalo. 

19/10 Marumo Gallants FC | Draw 18/10 | Stellenbosch (15:00)

Kulo mdlalo abathandi bebhola bazothola ithuba lokubona into ephekwa wumqeqeshi omusha weMarumo Gallants, uRomain Folz, waseFrance. Lo mqeqeshi ubeyibambe kwiTownship RollerseBotswana ngesizini edlule. Ubhekene neqembu eliqede isizini edlule lingayazi induku emdlalweni emihlanu yokugcina. Indlela iStellies ebesidlala ngayo emaphethelweni angesizini edlule kusale kancane ingene kwimqhudelwano yeCAF. Leli qembu laseWestern Cape lisayinise abadlali abasha, iningi labo abangaziwa kodwa umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ulibalile kumaqembu azoba yingozi kule sizini. Ngibona zibambana nge-draw kulo mdlalo. 

6/10 Orlando Pirates | Draw 51/20 | Swallows 58/10 (15:00)

I-Orlando Pirates ingelinye lamaqembu atheze kahle ngesikhathi sokuhwebelana ngabadlali ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. IBucs nokho ikhethe ukudlala imidlalo yayo eminingi yokulungiselela le sizini ngasese, ngakho abekho baningi asebeke bayibona ukuthi iza kanjani ngaphansi kwesandla sikaJose Riveiro. ISwallows ngakolunye uhlangothi idayise inqwaba yabadlali ebasize bavika izembe ngesizini edlule kodwa okubalulekile ukuthi ikwazile ukugcina umqeqeshi uDylan Kerr. Ngokwabadlali ebasayinisile iPirates angiyiboni iyidedela iSwallows kulo mdlalo, ngiyibona inqoba futhi ivalela amagoli angaphezulu kwamabili kulo mdlalo. 

7/4 Royal AM | Draw 22/10 | Kaizer Chiefs 33/20 (17:30)

Umdlalo wamagqubu! IKaizer Chiefs izovakashela iRoyal AM eThekwini ingakhohliwe ukuthi leli qembu linqabe nomgadli uVictor Letsoalo ogcine ejoyine iSekhukhune. IRoyal AM ivale isikhala salo mgadli ngokusayinisa uSamir Nurkovic, obegijima kwiChiefs kumasizini amabili edlule. IRoyal AM neChiefs baqede isizini edlule belingana ngamaphuzu, kwahluka kwi-goal differene, okwenze iRoyal AM yadla unombolo 3 yangena kanjalo kwiCAF Confederations. IChiefs idedele inqwaba yabadlali yalanda abasha ukuze iqinise imizamo yayo yokuqeda ishobolo leminyaka inganqobi lutho. IRoyal AM nayo iqinisile yase yalanda nomqeqeshi ohlonishwayo ebholeni lakuleli uDan Malesela ozobambisana noKhabo Zondo. Ukubuya kwabalandeli ngokugcwele ezinkundleni kungasho ukuthi kuzobe kugcwele inqwaba yabalandeli beChiefs eChatsworth, okuzoyifakela umfutho. Ngibona omabili amaqembu ekora kulo mdlalo (Both Teams To Score). 

Eminye imidlalo yeDSTV Premiership:

31/20 Maritzburg United | Draw 22/10 | Sekhukhune 19/10 (20:00

  • Maritzburg United win or draw 

43/20 TS Galaxy | Draw 2/1 | AmaZulu 29/20 (15:00)

  • TS Galaxy win 

19/20 SuperSport United | Draw 47/20 | Chippa United 32/10 (17:30)

  • SuperSport win