Alokhu eputshukile amagama abadlali abangeke babuye kuMaZulu ngesizini ka-2022/23 njengoba uMengameli weqembu uSandile Zungu eseke wadalula ngaphambilini ukuthi bazochitha abadlali abangu-13.

UXola Mlambo no-Augustine Mulenga batshelwe ezinhlamvini zamehlo ukuthi izinkontileka zabo angeke zelulwe. USiyanda Xulu obejima neqembu selokhu anqamula inkontileka yakhe neHapoel Tel Aviv e-Israel, naye utsheliwe ukuthi akathole iqembu elisha.

UMlambo udlale imidlaal engu-30 kulesizini, washaya igoli elilodwa.

AmaZulu asabumba isikwati kabusha, kanti neqembu aseliqinise ngomgadli waseMalawi uGabadihno Mhango.

Ekhuluma nephephabhuku iKickoff Magazine, uZungu uveze nokuthi uMulenga uyachithwa.

“USiyanda Xulu ubengakaze asayine neqembu. Wanikezwa imvume yokujima naMaZulu ngoba wayengenalo iqembu. Inkontileka kaXola Mlambo iyaphela manje, angeke siyelule inkontileka yakhe. UMulenga uyafana noMlambo, angeke siyelule inkontileka yakhe,” kusho kusho uZungu.