IMamelodi Sundowns ngoLwesihlanu imemezele umgadli wayo omusha odabuka eBrazil, u-Arthur de Oliveira Sales (22), obedlalela iqembu laseBelgium, iLommel, ngesizini edlule. Nakhu esikuhabulayo ngalo mdlali.

Iqembu abaledlalela lisesigabeni sesithathu samaligi, kwiChallenger Pro League eBelgium, engaphansi kweligi enkulu yakhona. Ngesizini edlule lo mgadli uvalele amagoli awu-10 kwimidlalo ewu-30 kuyo yonke imiqhudelwano kwiLommel.

Uwumgadli omude (1.84m) okusho ukuthi kufanele ngabe uzoba yingozi kumabhola asemoyeni njengoba iSundowns kulindeleke ukuthi idlale ibhola eli-direct kusukela ngesizini ezayo. Ukuze ubone ukuthi mude kangakanani, iheight kaGrant Kekana iwu-1.79m.

NgokweTransferrmarket lo mdlali kufanele ngabe ubize imali elinganiselwa ku-R24 million.

USales ngeke aphotheke kumaBrazilians njengoba kukhona abanye abadlali abadabuka eSouth America okufanele kumenze azizwe esekhaya ngokushesha.

Ukuthengwa kwakhe kusho ukuthi iDowns izobe igadla ngaye, uPeter Shalulile noLucas Ribeiro phambili ngesizini ezayo.