Kubikwa ukuthi abaphathi beRoyal AM sebeyalele abadlali ukuthi abaqhubeke nokuziqeqesha ngoba bazobuyela ensimini ‘maduze’ noma kunemibiko yokudayiswa kweqembu esichithiwe.
Ngokombiko weSowetan Sport abadlali baziswe ngoMsombuluko, ngemuva kokukhokhelwa umholo wangoJanaury, ukuthi izingxoxo nePSL zisahamba kahle ngakho abadlali abaqhubeke nokuziqeqesha.
Kuthiwa wuSinky Mnisi isikhulu ebesikhuluma nabadlali sathi konke kuzoqonda maduze.
Lokhu kuyashayisana nemibiko yokuthi iSARS izolifaka endalini leli qembu ukuze kuqoqwe imali yentela ekweletwa wuShauwn Mkhize ebalelwa kuR40 million. ISARS ihlela ukwenza lokhu ngemuva kwesinqumo senkantolo esiyikhiphe phambili odabeni lwayo noMaMkhize obefuna ukuphoqa iPSL ukuthi ibavumele baqhubeke nokudlala.
Isikhulu sePSL uMato Madlala uthe bebengakezwa lutho ngokufakwa endalini kweqembu kodwa bayazi ngesinqumo senkantolo esinikeze iSARS amandla okulawula konke okuthinta iRoyal AM namanye ama-assets kaMaMkhize.
UMadlala uthe basifundile isinqumo senkantolo kodwa akukho abazokusho ngaso noma ngeRoyal AM njengamanje.
Ethintwa yiSowetan ngalolu daba uRichard Makhoba, oyimenenja yeRoyal AM uthe akasafuni ukukhuluma nabezindaba.
“Angisafuni ukukhuluma nani [abezindaba], nibhala into eningayazi. Nidayisa amaphepha. Ninemithombo yenu, bhalani enikubona kufanele,” kusho uMakhoba.
“Nibhale into engekho izolo [ngoMsombuluko] nithi iqembu selidayisiwe ngesikhathi kuphuma isinqumo senkantolo, nifuna ukuzuzani?
“Nimzondani lo muntu? [Shauwn Mkhize] – Nihlale nihlale nibhala okudicilela isithunzi seqembu.”
Khonamanjalo, ngokombiko weSABC Sport iSARS iyaqhubeka nezinhlelo zokudayisa iqembu, kuthiwa inani lokuyithenga liqala kuR15 million.