Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker uthi iqembu lakhe belingcono kakhulu kunezimbangi i-Orlando Pirates abadlale nayo ngokulingana eDanie Craven Stadium ngoLwesithathu.

IStellies sigeje inqwaba yamathuba okunqoba esiwombeni sokuqala. IPirates iyona eshaye igoli lokuqala elingqofelwe enethini uNkosinathi Sibisi. IStellies silinganise esiwombeni sesibili ngegoli likaJunior Mendieta.

UBarker ukhale ngokugeja kwabadlali bakhe phambi kwamapali.

“Umdlalo ubunzima kakhulu ngoba iPirates iyiqembu eliqinile. Ngiyalibongela iqembu lami. Besidlala kahle esiwombeni sokuqala, angikaze ngilibone iqembu lami lizimisele kanje.

Sibe nebhadi lokulandela ngemuva esiwombeni sokuqala. Sihlulwe ukuthatha izinqumo eziphusile ebhokisini. Sibuye kahle esiwombeni sesibili, salwela ukuthola igoli. Bekufanele sithole noma elilodwa iphuzu.

Besiyiqembu elingcono kakhulu, sikhande amathuba amahle emdlalweni. Ukhona umdlali ofana no-Andres eqokwa njengomdlali ovelele ekubeni edlala okokuqala ngqa kwiligi kuyakhombisa ukuthi iqembu liyakhula. Ngiyaziqhenya ngaye nabadlali beqembu,” kubeka lomqeqeshi ecashunwa abeSuperSport TV.