Umdlali weBafana Bafana osehoxe ekhempini yeqembu ngenxa yokulimala uTerrence Mashego uthi uphoxekile ngokuthinteka idolo osekumkhiphe ezinhlelweni zomdlalo abazowudlala neMorocco wokuhlungela i-AFCON 2023.
UMashego ukholwa ukuthi uzobuya kungekudala esikwatini kodwa usebeke ithemba kubadlali ancintisana nabo uLyle Lakay no-Innocent Maela.
UMashego ubeyisethenjwa kuHugo Broos kwazise yonke imidlalo emihlanu aseyibambe esikwatini uyinikezwe yilomqeqeshi.
“Isimo sibucayi kodwa angilimele kakhulu. Kuhlephuke ongaphakathi ledolo, ngithemba ukuthi ngizophola ngokushesha. Lomdlalo bengiwubheke ngabomvu, kodwa ukhona uLyle Lakay noMaela abazoyibamba ishisa emuva.
Ngizozinakekela ngoba ngilimele. Ngifuna ukubuya ngokushesha,” kubeka uMashego ekhuluma neSAFA Media.